Skip to content
Sibaya

Isithakazelo · isiZulu

Hadebe

  • PeopleamaZulu

The Izithakazelo

Version 1
Hadebe!Mthimkhulu!Bhungane kaNsele,Nzimande,Wena kaLangalibalele,KaNdlubu ezamila endaweni embi ngoba zamila emthondweni,Amangelengele anzipho zinde ngokuziqhwandela,Makhulukhulu!
Version 2
Hadeb' omuhle okhonz' agoduke,Angaze axakwe yithambo lasemzini,Sigoloza esikhangel' umuntu sengathi simjamele,Umkhulu Bhungane,Kodwa awungangoNkulunkulu,Mthimkhulu!
Version 3
Mashiy' amahle anjengawenyamazane,AbakwaThondo kwabakaSothondose,AbakwaDlomo-dludlu wezindlu nezindlwana,Abakwazitho zimhlophe, mashiy' amahle,Niye nabuthathaphi ubuhle obumhlophe obunje?AbakwaMaxovaxova umthombo wenkosi,AbakwaVangane, kazi sengoneni namhlanje?UNduku zimakhulukhulu,Sehla ngomnyama entabeni, kuyagonqoka,Kumnyama phansi,AbakwaNdlubu zamila emthondweni KwaSothondose.

Two versions are recorded and neither has been chosen. Where community sources differ on a praise, both readings are kept. A regional form and a transcription slip are indistinguishable to anyone who is not a first-language reader.

Written down by families and by the people who recorded them.

About This Record

Where This Comes From

Written down by
  • Themba, 2026-08-11: IZITHAKAZELO ZAMAZULU, Full Text Corpus, Tranche One
  • Community compilation: iafrika.org
  • Community compilation: zuluring.blogspot.com
  • Community compilation: izithakazelo.blog
  • Community compilation: izithakazeloizibongo.blogspot.com
  • Community compilation: izithakazelo.wordpress.com

Are You Hadebe?

Put your name on the launch list.

Tell Me When It Opens

We write to you about Sibaya, and nothing else.

If Your Family Holds More Of This

A family saying its own izithakazelo knows them better than any directory does. If yours has more than what is on this page, it belongs here.

Add What Your Family Holds Get Sibaya All clan names